Ungaphandle ngebheyili kwelaseNhlangakaziLidedelwe ngebheyili ka-R1 000 ilungu lebandla iNazareth Baptsist Church lohlangothi lwasekuPhakameni elisolwa ngokuzama ukubulala amalungu amabili aseBuhleni entabeni iNhlangakazi.
Umsolwa okulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngenyanga ezayo, wazinikele emaphoyiseni ehamba nommeli wakhe ngemuva kwesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Vincent Mdunge, usiqinisekisile isigameko sokudedelwa kuka Cebolenkosi Nzimande oneminyaka engamashumi amabili nesithupha 26, nokuthiwa udedelwe ngebheyili yinkantolo yeMantshi yaseNdwedwe.
Kuthiwa lomsolwa Ubhekene namacala amabili elokuzama ukubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Kanti lomsolwa Akabuzwanga ukuthi uyalivuma noma uyaliphika leli cala.
UMdunge uthe, Kubhekeke ukuthi abuyela enkantolo ngenyanga ezayo lomsolwa.
Ngokwemibiko, abaseBuhleni kuthiwa abanelisekile ngenkulumo kaEdward Ximba okhulumela uhlangothi lwasekuPhakameni yokuthi lesi sigameko yinto engathi shu ngoba akufanga muntu kuso.
UThokozani Mncwabe waseBuhleni ukhale ngokuthi iyalumela inkulumo kaXimba ngoba akufanele kuze kungene isibhamu phakathi kwabo bengamakholwa.
UMncwabe uqhube wathi Ukhulume kahle uXimba uma ethi bayaziqhelelanisa nesenzo somsolwa. kodwa Uyilahle uma esethi lokhu kuyinto engasho lutho ngoba akuzange kufe muntu.
UMncwabe uthe Akumele ngisho nokuthi kungene isibhamu phakathi kwabo bengamakholwa.
Kushone oyedwa imoto ingena esikoleni eKapaAbezimo eziphuthumayo babike ukuthi imoto encane ingene esiskoleni samabanga aphansi saseKapa kwashona umuntu oyedwa, kwathi izingane ezimbili zivimbezeleke ngaphansi kwale moto.Kuboshwe otholakale nesibhamu eKZN
Kuboshwe owesilisa otholakale nezinhlamvu nesibhamu esingekho emthethweni kanti bekulindeleke ukuthi avele enkantolo yaseNsuze, ngokusho kwamaphoyisa akulesifundazwe.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe, Lo msolwa oneminyaka engamashumi amane 40, uboshwe izolo ebusuku eNsuze ngaseNdwedwe.
Amaphoyisa agasele kuleya ndawo emuva kokulunywa indlebe ngezibhamu ezingekho emthethweni zakhe lomsolwa.
Kuthiwa amaphoyisa aye abhadama isibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu kanye namaselula amane.
UZwane uqhube wathi Lo msolwa ubengaphandle ngebheyili emuva kokuthi wake watholwa nesibhamu esingekho emthethweni ngaphambilini.
Stolen livestock recovered
Amaphoyisa alapha esifundazweni sakwazulu-Natali asethole imfuyo engaphezu kwenkulungwane ebitshotshiwe ezweni lsaseLesotho kanti kuthiwa lemfuyo itholakale ezentabeni zase Drakensberg kuso lesifundazwe,
Kuthiwa kulemfuyo bekukhona izimvu ezingu 827, izimbuzi ezingu 156, izinkomo ezingamashumi amahlanu 50 kanye namahhashi amathathu kanti yonke lemfuyo ngeyase zweni lase Lesotho
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uVincent Mdunge uthe, Uphiko lwase Lesotho olubhekelela imfuyo eyebiwe luye lwanxusa amaphoyisa akulesifundazwe ukuthi lufuniswe imfuyo elahlekile
Umdunge uthe, abelusi bale mfuyo bahlaselwa ngabantu abangaziwa babaphuca imfuyo ngenkani base behamba nayo
Kuthiwa ke lemfuyo ibe isitholakala izolo ngesikhathi amaphoyisa eyithungutha nokuthiwa kade esebenzisa indiza enesigwedlo eqolo ukuthungatha lemfuyo
Kanti izinkomo zitholakale zifihliwe emigenedene yezintaba zase Drakensberg
UMdunge uthe bekungaka boshwa muntu ngalesigameko.
Kuthiwa lo oshonile nguye obekade eshayela lemoto ngesikhathi kwenzeka lesigameko.
Okhulumela lesiya sikole uElsie River uveze ukuthi Akukacaci kahle ukuthi le ngozi ibangelwe yini njengoba lemoto ibonakala isiphoseka kwelinya lamakilasi aleya sikole.
Kuthiwa umshayeli wemoto uye washonela khona lapho kanti izingane ezilimalile kulesigameko kudingeke ukuthi ziphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.
Kanti izingane zesikole kuthiwa zisathukile namnje ngalesigameko
No comments:
Post a Comment