Tuesday, January 17, 2012

17 January 2012 17h00 news


Baby abducted from home affairs office


Amaphoyisa aseMnambithi aseqale uphenyo lokuthungatha ingane yomfana enezinyanga ezintathu ubudala eyathathwa umama ongaziwa ngeiskhathi lengane ino mama wayo emahhovisi omnyango wezasekhaya eMnambithi.


Umama walomfan uthe kwaqhamuka umuntu wesifazane ongaziwa wabe esethimbisa ukumsiza.


Kuthiwa lomama wathi uthunywe ngumasipala wasemnambithi ukuthi aqaphe izingane kulamahhovisi


Ngokwemibiko yamaphoyisa kuthiwa lowesifazane uke wabonakala ehamba ebuza imindenei enezingane ezingaphansi kwezinyanga ezintathu,


Mabhodl' umlilo


Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwazulu-Natali uThulani Zwane uthe, lowesifazane wanxenxa umama wengane ukuthi beye emahhovisi omnyango wezasekhaya nalapho amthembisa khona ngokumsiza ngokufaka isicelo sesondlo sezingane.


Kuthe uma sebefika emahhovi lowesifazane wathi usayothengele ingane ukudla, wabe esehamba nengane kuze kube yimanje akakaze aphinde abuye nengane.


Kuthiwa umama wengane wazama ukumbheka lomama kanye nengane kanti lowesifazane wayengasabonwa nangokhalo.


Kanti uZwane usenxuse umphakath ukuthi uhlabe ulawule uma bebona lowesifazane nale ngane.


 


Satanic ritual case postponed


 


Kulindeleke ukuthi izingane eziyiyisithupha ziphinde zivele enkanto ngasekuqaleni kwenyaga ezayo,


Kuthiwa lezingane zibhekene necala lokushisa amantombazane amabili ngezenzo ezihlobene nokukhonza usathane, nokukholakala ukuthi babenza umnikelo kusathane ngawo lamantombazane amabili.


Umshushisi uColleen Ryan uthe lelicala lihlehlisiwe namuhla ngoba kukhona ucwaningo okusamele lwenziwe ngaphambi kokuthi liqulwe lelicala.


Kanti Kuthiwa ke lelicala beliqulwa kusetshenziswa ubuxhakaxhaka bamacamera njengoba omunye umsolwa usemncane kakhulu njengoba eneminyaka eyishumi nesihlanu 15.


Ngokwemibiko ngonyaka owedlule intombazane eneminyaka eyisishagalombili 18 yashiswa ngophethiloli, ngoba lezingane zithi zazenzela usathane umhlatshelo


Kuthiwa lentombazane yabe isishonela esibhedlela ngemumva kwesonto ithungelwe ngomlilo


Kanti umngani wayo oneminyaka eyishumi nane, naye washiswa kodwa wasinda ngokulambisa kulesigameko


Kuthiwa waphoqeleka ukuthi apheshwe isikhumba ngoba walimala kanzima kulesigameko.


Kanti ke abasolwa abenze lesigameko basengaphakathi ezikhindini njengoba baye banqatshelwa ibheyili yinkantolo.



Assistance for stampede victim's burial


Undunankulu wasesifundazweni saseGauteng uNomvula Mokonyane, usethembise ukulula isandla ekungcwatshweni kowesifazane owashona ngenkathi kusuka isiphithiphithi esikhungweni semfundo ephakeme esaziwa nge U.J


Ihhovisi likandunankulu selithembise ukwengamela zonke izidingo zomcwabo zalowesifazane.


Okhulumela ihhovisi lika ndunankulu eGauteng uXoli Mngambi uthe usizo abolinikezele kulomdeni lizohlanganisa ukulashwa ngokwenqondo kwamalunga omndeni ahlukumezeka ngesikhathi ezwa lezindaba ezishaqisayo zokushona kwalo wesifazane.


Kanti ihhovisi likandununkulu lithe angeke linekezele ngosizo oluyimali, kodwa lizokhipha usizo olufana nezimoto eziyosiza ukuthutha abantu abazobe beya emgcwabeni nokunye okuhlobene nalokho.


Kanti lowesifazane kulindeleke ukuthi angcwatshwe ngomgqibelo.


Kuzokhumbuleka ukuthi uSekwane washona eU.J ngesikhathi abafundi bephushana befuna ukungena ngaphakathi kulesiya sikhungo


Kanti abaphathi base U.J sebethembise ukuthi beyifundisaa mahhala ingane yalomama owashona ngesikhathi kusuka lesibhudu eU.J.


 


KZN cops make second R1m drug bust


Amaphoyisa alapha esifundazweni saKwazulu-Natali asephinde avundulula indathane yezidamizwa eThekwini namhlanje


Kube sekuboshwa owesilisa nezidakamizwa ezingabiza isigidi samarandi R1 million nokukhlakala ukuthi ubeshushumbisa lezidakamizwa


Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthe, bavundulule loluhlobe lwezidakamizwa olwaziwe nge Heroin ezintathakusa namhlanje kanti babe sebebopha owesilisa okulindeleke ukuthi avele enkantolo maduzane


Kuthiwa amaphoyisa aye athola lezidakamizwa zingcwele amaphakethe alomlisa kanti ezinye bezithukuswe kuwordrobe wakhe lomlisa


Lokhu kubanjwa kwalezidakamizwa kulandela ukubanjwa kwezinye izidakamizwa khona eThekwini


Nalapho amaphoyisa athola izidakamizwa zifakwe kwizi Straws ezingama khulu amathathu kanti nalezo zidakamizwa zazibiza isigidi samarandi.

No comments:

Post a Comment