Friday, January 20, 2012

20 January 2012 18H00 NEWS

Ungaphandle ngebheyili kwelaseNhlangakaziLidedelwe ngebheyili ka-R1 000 ilungu lebandla iNazareth Baptsist Church lohlangothi lwasekuPhakameni elisolwa ngokuzama ukubulala amalungu amabili aseBuhleni entabeni iNhlangakazi.
Umsolwa okulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngenyanga ezayo, wazinikele emaphoyiseni ehamba nommeli wakhe ngemuva kwesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Vincent Mdunge, usiqinisekisile isigameko sokudedelwa kuka Cebolenkosi Nzimande oneminyaka engamashumi amabili nesithupha 26, nokuthiwa udedelwe ngebheyili yinkantolo yeMantshi yaseNdwedwe.
Kuthiwa lomsolwa Ubhekene namacala amabili elokuzama ukubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Kanti lomsolwa Akabuzwanga ukuthi uyalivuma noma uyaliphika leli cala.
UMdunge uthe, Kubhekeke ukuthi abuyela enkantolo ngenyanga ezayo lomsolwa.
Ngokwemibiko, abaseBuhleni kuthiwa abanelisekile ngenkulumo kaEdward Ximba okhulumela uhlangothi lwasekuPhakameni yokuthi lesi sigameko yinto engathi shu ngoba akufanga muntu kuso.
UThokozani Mncwabe waseBuhleni ukhale ngokuthi iyalumela inkulumo kaXimba ngoba akufanele kuze kungene isibhamu phakathi kwabo bengamakholwa.
UMncwabe uqhube wathi Ukhulume kahle uXimba uma ethi bayaziqhelelanisa nesenzo somsolwa. kodwa Uyilahle uma esethi lokhu kuyinto engasho lutho ngoba akuzange kufe muntu.
UMncwabe uthe Akumele ngisho nokuthi kungene isibhamu phakathi kwabo bengamakholwa.
 
Kushone oyedwa imoto ingena esikoleni eKapaAbezimo eziphuthumayo babike ukuthi imoto encane ingene esiskoleni samabanga aphansi saseKapa kwashona umuntu oyedwa, kwathi izingane ezimbili zivimbezeleke ngaphansi kwale moto.Kuboshwe otholakale nesibhamu eKZN  
Kuboshwe owesilisa otholakale nezinhlamvu nesibhamu esingekho emthethweni kanti bekulindeleke ukuthi avele enkantolo yaseNsuze, ngokusho kwamaphoyisa akulesifundazwe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe, Lo msolwa oneminyaka engamashumi amane 40, uboshwe izolo ebusuku eNsuze ngaseNdwedwe.

Amaphoyisa agasele kuleya ndawo emuva kokulunywa indlebe ngezibhamu ezingekho emthethweni zakhe lomsolwa.

Kuthiwa amaphoyisa aye abhadama isibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu kanye namaselula amane.

UZwane uqhube wathi Lo msolwa ubengaphandle ngebheyili emuva kokuthi wake watholwa nesibhamu esingekho emthethweni ngaphambilini.
 
Stolen livestock recovered 
Amaphoyisa alapha esifundazweni sakwazulu-Natali asethole imfuyo engaphezu kwenkulungwane ebitshotshiwe ezweni lsaseLesotho kanti kuthiwa lemfuyo itholakale ezentabeni zase Drakensberg kuso lesifundazwe,
Kuthiwa kulemfuyo bekukhona izimvu ezingu 827, izimbuzi ezingu 156, izinkomo ezingamashumi amahlanu 50 kanye namahhashi amathathu kanti yonke lemfuyo ngeyase zweni lase Lesotho
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uVincent Mdunge uthe, Uphiko lwase Lesotho olubhekelela imfuyo eyebiwe luye lwanxusa amaphoyisa akulesifundazwe ukuthi lufuniswe imfuyo elahlekile
Umdunge uthe, abelusi bale mfuyo bahlaselwa ngabantu abangaziwa babaphuca imfuyo ngenkani base behamba nayo
Kuthiwa ke lemfuyo ibe isitholakala izolo ngesikhathi amaphoyisa eyithungutha nokuthiwa kade esebenzisa indiza enesigwedlo eqolo ukuthungatha lemfuyo
Kanti izinkomo zitholakale zifihliwe emigenedene yezintaba zase Drakensberg
UMdunge uthe bekungaka boshwa muntu ngalesigameko.

Kuthiwa lo oshonile nguye obekade eshayela lemoto ngesikhathi kwenzeka lesigameko.

Okhulumela lesiya sikole uElsie River uveze ukuthi Akukacaci kahle ukuthi le ngozi ibangelwe yini njengoba lemoto ibonakala isiphoseka kwelinya lamakilasi aleya sikole.
Kuthiwa umshayeli wemoto uye washonela khona lapho kanti izingane ezilimalile kulesigameko kudingeke ukuthi ziphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.
Kanti izingane zesikole kuthiwa zisathukile namnje ngalesigameko
 

Tuesday, January 17, 2012

17 January 2012 17h00 news


Baby abducted from home affairs office


Amaphoyisa aseMnambithi aseqale uphenyo lokuthungatha ingane yomfana enezinyanga ezintathu ubudala eyathathwa umama ongaziwa ngeiskhathi lengane ino mama wayo emahhovisi omnyango wezasekhaya eMnambithi.


Umama walomfan uthe kwaqhamuka umuntu wesifazane ongaziwa wabe esethimbisa ukumsiza.


Kuthiwa lomama wathi uthunywe ngumasipala wasemnambithi ukuthi aqaphe izingane kulamahhovisi


Ngokwemibiko yamaphoyisa kuthiwa lowesifazane uke wabonakala ehamba ebuza imindenei enezingane ezingaphansi kwezinyanga ezintathu,


Mabhodl' umlilo


Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwazulu-Natali uThulani Zwane uthe, lowesifazane wanxenxa umama wengane ukuthi beye emahhovisi omnyango wezasekhaya nalapho amthembisa khona ngokumsiza ngokufaka isicelo sesondlo sezingane.


Kuthe uma sebefika emahhovi lowesifazane wathi usayothengele ingane ukudla, wabe esehamba nengane kuze kube yimanje akakaze aphinde abuye nengane.


Kuthiwa umama wengane wazama ukumbheka lomama kanye nengane kanti lowesifazane wayengasabonwa nangokhalo.


Kanti uZwane usenxuse umphakath ukuthi uhlabe ulawule uma bebona lowesifazane nale ngane.


 


Satanic ritual case postponed


 


Kulindeleke ukuthi izingane eziyiyisithupha ziphinde zivele enkanto ngasekuqaleni kwenyaga ezayo,


Kuthiwa lezingane zibhekene necala lokushisa amantombazane amabili ngezenzo ezihlobene nokukhonza usathane, nokukholakala ukuthi babenza umnikelo kusathane ngawo lamantombazane amabili.


Umshushisi uColleen Ryan uthe lelicala lihlehlisiwe namuhla ngoba kukhona ucwaningo okusamele lwenziwe ngaphambi kokuthi liqulwe lelicala.


Kanti Kuthiwa ke lelicala beliqulwa kusetshenziswa ubuxhakaxhaka bamacamera njengoba omunye umsolwa usemncane kakhulu njengoba eneminyaka eyishumi nesihlanu 15.


Ngokwemibiko ngonyaka owedlule intombazane eneminyaka eyisishagalombili 18 yashiswa ngophethiloli, ngoba lezingane zithi zazenzela usathane umhlatshelo


Kuthiwa lentombazane yabe isishonela esibhedlela ngemumva kwesonto ithungelwe ngomlilo


Kanti umngani wayo oneminyaka eyishumi nane, naye washiswa kodwa wasinda ngokulambisa kulesigameko


Kuthiwa waphoqeleka ukuthi apheshwe isikhumba ngoba walimala kanzima kulesigameko.


Kanti ke abasolwa abenze lesigameko basengaphakathi ezikhindini njengoba baye banqatshelwa ibheyili yinkantolo.



Assistance for stampede victim's burial


Undunankulu wasesifundazweni saseGauteng uNomvula Mokonyane, usethembise ukulula isandla ekungcwatshweni kowesifazane owashona ngenkathi kusuka isiphithiphithi esikhungweni semfundo ephakeme esaziwa nge U.J


Ihhovisi likandunankulu selithembise ukwengamela zonke izidingo zomcwabo zalowesifazane.


Okhulumela ihhovisi lika ndunankulu eGauteng uXoli Mngambi uthe usizo abolinikezele kulomdeni lizohlanganisa ukulashwa ngokwenqondo kwamalunga omndeni ahlukumezeka ngesikhathi ezwa lezindaba ezishaqisayo zokushona kwalo wesifazane.


Kanti ihhovisi likandununkulu lithe angeke linekezele ngosizo oluyimali, kodwa lizokhipha usizo olufana nezimoto eziyosiza ukuthutha abantu abazobe beya emgcwabeni nokunye okuhlobene nalokho.


Kanti lowesifazane kulindeleke ukuthi angcwatshwe ngomgqibelo.


Kuzokhumbuleka ukuthi uSekwane washona eU.J ngesikhathi abafundi bephushana befuna ukungena ngaphakathi kulesiya sikhungo


Kanti abaphathi base U.J sebethembise ukuthi beyifundisaa mahhala ingane yalomama owashona ngesikhathi kusuka lesibhudu eU.J.


 


KZN cops make second R1m drug bust


Amaphoyisa alapha esifundazweni saKwazulu-Natali asephinde avundulula indathane yezidamizwa eThekwini namhlanje


Kube sekuboshwa owesilisa nezidakamizwa ezingabiza isigidi samarandi R1 million nokukhlakala ukuthi ubeshushumbisa lezidakamizwa


Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthe, bavundulule loluhlobe lwezidakamizwa olwaziwe nge Heroin ezintathakusa namhlanje kanti babe sebebopha owesilisa okulindeleke ukuthi avele enkantolo maduzane


Kuthiwa amaphoyisa aye athola lezidakamizwa zingcwele amaphakethe alomlisa kanti ezinye bezithukuswe kuwordrobe wakhe lomlisa


Lokhu kubanjwa kwalezidakamizwa kulandela ukubanjwa kwezinye izidakamizwa khona eThekwini


Nalapho amaphoyisa athola izidakamizwa zifakwe kwizi Straws ezingama khulu amathathu kanti nalezo zidakamizwa zazibiza isigidi samarandi.

Monday, January 16, 2012

New MF leader may be Rajbansi’s choice

Mabhodl' umlilo


Iqembu leminority Front (MF) kulindeleke ukuthi limemezele ubuholi balo obusho ngolwesine njengoba liye lashiya umonagemi walo ngenyanga eyedlule, kodwa sekube namahebezi athi lowo owayengu nkosikazi womholi waleli qembu ongasekho kungaba nguye uzohola leli qembu uShameen Thakur Rajbansi.


Kanti umholi waleli qembu UAchimid Rajbansi washona ngenyanga eyedlule ngemumva kokugula izinyangana ezimbalwa


Abasondelene naleli qembu bathe uRajbansi washiya isiyalelo sokuthi kube unkosikazi wakhe ozothatha izintambo uma esedlule emhlabeni.


Iisikhulu esiphezulu kuleliya qembu esiphinde sibe yilungu lephalamende uROY Bhoola uthe sebeqedile ukuzilele umholi wabo, sebebuyela emsebenzini nothe unkosikazi kaRajbansi wuye osematheni ongahle athathe izintambo zokuhola leliqembu


Okhulumela abacubunguli bezepolitike esikhungweni semfundo ephakeme iUKZN uImraan Buccus, uthe nakuba engekho ongangena ezicathulweni zikaRajbansi, kodwa unkosikazi wakhe nguyena yedwa umuntu ongakwazi ukuhlala esikhundleni sikaRajbansi.